Harare – UMengameli omusha waseZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa unikeze iziboshwa ezingu-3 000 ushwele, okubalwa kakhulu kuzo ezesifazane, ngoLwesithathu.
Izoboshwa zagcina ukukhishwa ngoshwele ngoMeyi 2016
yilowo owabe engumengameli uRobert Mugabe ngesikhathi amajele ayehluleka
wukuhlinzeka iziboshwa ngemali yokudla ephuma kuhulumeni.
Isaziso sikahulumeni asizange sisikhiphe isizathu sokuthi kungani lezi ziboshwa zidedelwe ngoshwele.
UMnangagwa ukhipha iziboshwa nje sekusele izinyanga ezimbalwa kuyiwe okhethweni.
OLUNYE UDABA: Kukhululwe iziboshwa zacelwa ukuba zihlukane nobugebengu
IZimbabwe Prisons and Correctional Services (ZPCS) ithe lo shwele uzokwehlisa ukugcwala ngokweqile okukhona emajele aseZimbabwe amumatha iziboshwa ezibalelwa ko-20 000 endaweni ka-17 000.
Lo shwele uvuna kakhulu iziboshwa zesifazane, ngaphandle kwalezo ezagixabezwa ngesigwebo sentambo noma udilikajele, intsha kanye nabantu abathola izigwebo ezingaphansi kwezinyanga ezingu-36.
Ngeke zidedelwe futhi lezo ziboshwa ezake zathola ushwele ngaphambilini kepha zaphinde zaboshwa futhi, kanjalo nalezo ezalahlwa amacala obushokobezi, ukudlwengula, ukubulala nokuphanga kuhlonyiwe.