Kudubuleke ingane, 4, esigamekweni okusolwa kuso amaqembu ezigelekeqe

Kudutshulwe ingane yentombazane eneminyaka emine ubudala e-Uitsig, ngaphandle kwaseKapa, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.

Amaphoyisa athi le ngane ithelwe ngamachaphazelo ngesikhathi kunempi yezulu lezandla phakathi kwamaqembu ezigelekeqe.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke kuCedar Close, ngaku-Uitsig Avenue, ngabo-13:00 ngoLwesithathu ntambama.

Okhulumela amaphoyisa uFrederick van Wyk uthe: “Sivule icala lokubulala ukuze kuqhutshwe uphenyo. Sinxusa umphakathi ukuba usilekelele. Sicela ongaba nolwazi ngalesi sehlakalo ukuba asize amaphoyisa ngophenyo ngokuxhumana neCrime Stop."

OLUNYE UDABA: Kudubuleke umfana,6, kudubulana izigebengu nonogada

Kwesinye isigameko esingahlobene nalesi, kube nokudubulana ngesikhathi kuqhubeka isigameko sokuphanga kuhlonyiwe eWestville Shopping Centre ngoLwesithathu ntambama.

Okhulumela iBlue Security, u-Andreas Mathios, uthe abasolwa abahlanu abebehlomile abebegqoke amakepisi e-baseball, bangene kule nxanxathela ngezikhathi zasemini.

“Bavimbezele abasebenzi esitolo sobucwebe, badubula izikhawu eziyisikhombisa ngesikhathi sebebaleka," kusho uMathios.

“Iphoyisa ebelingekho emsebenzini libe selidubula kabili libhekise ngakubasolwa ngaphambi kokuba amaphoyisa abajahe kwaboshwa abasolwa ababili.

"Kubonakale igazi phansi kanti kusolakala ukuthi ngelomunye wabasolwa abakwazile ukubaleka. Akukho muntu omunye olimalile kulesi sigameko," esho.


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 3759 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2550 votes
No, I don't think they need it
37% - 3644 votes
Vote
ZAR/USD
15.30
(-1.60)
ZAR/GBP
21.24
(-1.18)
ZAR/EUR
18.31
(-0.77)
ZAR/AUD
11.82
(-1.06)
ZAR/JPY
0.14
(-0.68)
Gold
1697.41
(-0.76)
Silver
25.33
(-2.55)
Platinum
1126.50
(-2.63)
Brent Crude
63.94
(+2.19)
Palladium
2335.00
(+0.34)
All Share
67743.54
(-0.85)
Top 40
62250.03
(-0.97)
Financial 15
12674.59
(+0.82)
Industrial 25
87893.58
(-1.99)
Resource 10
69264.74
(+0.06)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo