Edenvale – Owesimame okusolakala ukuthi useminyakeni yo-20 ubudala udutshulwe wabulawa imigulukudu izama ukugqekeza kwakhe.
Ngokusho kwamaphoyisa, Lokhu kwenzeke emzini owe-Edenvale.
Kuthiwa abasolwa bebezama ukugebenga lo wesimame kanye nomyeni wakhe ngesikhathi bengena emzini wabo ngoLwesithathu.
OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa owesilisa, kwalimala owesimame ePMB
Kuthiwa umnyeni wakhe ubedubulana nemigulukudu ngesikhathi kulimala umkakhe.
Amaphoyisa asaphenga ngalesi sigameko kanti okwamanje akukaboshwamuntu.