Durban – Kubulawe umsolwa obehlomile esehlakalweni sokubanjwa kwenkunzi imoto yemali ku- N2 ngaseZinqoleni, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, ngoLwesithathu, kusho amaphoyisa.
Unogada uthole ukulimala, waphuthunyiswa esibhedlela, kusho uCaptain Nqobile Gwala.
"Abasolwa bashaye iwindi ngesando, abanye beqhubeka nokudubula onogada. Omunye wonogada udubuleke ekhanda, abanye babaleka.”
Funda nalolu daba:
Oshayasibhamu bavule lapho bekuhleli khona imali, kodwa bangathola lutho.
"Omunye wabasolwa udubuleke washona kanti kutholakale isibhamu eduze kwakhe.”
Okhulumela iNetcare 911 uChris Botha uthe owesilisa oyedwa uphuthunyiswe esibhedlela esesimeni esibucayi.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.