Cape Town - Kudutshulwe kwabulawa indoda, izingane ezimbili esezikhulile nenye eneminyaka engu-12 budala endaweni yaseNyanga, kusho amaphoyisa aseWestern Cape ngoLwesithathu.
Izisulu bezihlezi emotweni eBrowns Farm ngezithuba zabo-21:00 ngoLwesibili ngesikhathi amadoda amathathu abehlomile edubula ebhekise kuzo ase ebaleka endaweni yesigameko, kusho uColonel Andre Traut.
OLUNYE UDABA:Kudutshulwe umndeni wasePitoli
Ingane yesine ebisemotweni iphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuthola ukulimala.
"Imbangela yokuhlaselwa kwalezi zisulu ibingakaziwa kanti nabasolwa bebengakaboshwa," kusho uTraut.