Kufe owomndeni bayobhaca

Durban - Usekubhaceni umndeni wakwaZungu eMaleville KwaDukuza, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal odle kabi uKhisimusi kudutshulwa ilunga lawo ngentululwane yezinhlamvu ngalo usuku lwenjabulo.

Lo mndeni uthi kawukakholwa yisihluku esisetshenziswe kubulawa uSandile Zungu (25), okuthiwa udutshulwe ngabantu abaziwayo kodwa namanje kabakaboshwa.

Uthi ababulali benze lokhu qede bathumela umyalezo wokuthi kukhona ozolandela (uSandile) kuwona lo mndeni. Ngokuthola kweLANGA, uSandile ubulawa nje bese siside isikhathi kunengxabano phakathi kwakhe nabanye abafana basendaweni kubangwa ukudayisa umgwinyo.

OLUNYE UDABA: Ufuna ilobolo lakhe ogilwe yingoduso

Kuthiwa le ngxabano iqhubeke isikhathi eside yaze yaholela ekutheni kuphume inqwaba yezidumbu. Kubikwa ukuthi uSandile ubevele enolwazi lokuthi kukhona abamzingelayo njengoba mhla zingama-24 bekungcwatshwa umngani wakhe obulawe zili-16 zikaZibandlela (December).

Kuthiwa naye umngani kaSandile ubulawe ngabantu abaziwayo qede bathumela umyalezo emngcwabeni wokuthi kukhona omunye ozolandela njengoba kugcine ngokuthi kubulawe uSandile NgoKhisimusi.

Umphakathi wakule ndawo kuthiwa uvuke umbhejazane walwa namaphoyisa ucasulwa wukungaboshwa kwabasolwa njengoba baziwa futhi atsheliwe ngalokhu. Lokhu kugcine kuholele ekutheni kuboshwe amanye amalunga omphakathi abelwa namaphoyisa. Ilunga lomndeni elicele ukungadalulwa ngoba lisaba ukuthi lizosocongwa, lithi umndeni usunqume ukuthi usuke kule ndawo uye ekubhaceni ngoba usongelwe emuva kokudutshulwa kukaSandile.

"Le ngxabano kade yaqala phakathi kwabafana basekhaya nabantu abasolwa ngokubulala uSandile. Njalo uma behlangana abafowethu nalaba bafana bekuba nengxabano kangangoba sekuke kwaba nezigameko lapho uSandile ejahwa ngesibhamu yibona laba bafana.

Kwayiwa emaphoyiseni kuyovulwa icala kodwa sangasizakala - lagcina lingavulwanga. Kuhambe isikhathi ingxabano iqhubeka kwathi ngoMfumfu (October) kwaqubuka enye ingxabano phakathi kwabo kwagcina ngokuthi kube khona odubulekayo. 

Laba bafana bafika bezohlasela ekhaya bethi bafuna uSandile ngoba udubule umngani wabo, okuyinto ebingekho ngoba kuthiwa wadubuleka ngesikhathi omunye wabo ezama ukudubula uSandile.

Kukhulunyiwe kwangathi iyadlula le nto yabo njengoba sekudutshulwa umngani kaSandile mhlaz ili-16. Ngelanga lomngcwabo kufike umuntu obephathiswe umyalezo yilaba bafana otshele uSandile ukuthi nguyena ozolandela.

Ngelanga adutshulwe ngalo uSandile, uke waba nengxabano nabo laba bafana beficana ebhusha kwagcina ngokuthi balwe. Ube eseyabuya weza ekhaya ezochaza ukuthi kwenzekeni.

Ntambama ngoKhisimusi, kufike omunye umfana othe mabahambe beyocima ukoma ndawana thize kanti bazohlangana nabo laba bafana bavulela ngenhlamvu washonela khona lapho uSandile," kusho ilunga lomndeni elithe kuyimanje kabazi bazongcwabelaphi njengoba besekubhaceni.

Lithi ngawo uKhisimusi baphinde bathola izinsongo zokuthi kuzolandela umfowabo kaSandile. Uthi babone kungcono babaleke kule ndawo ngoba kuyacaca ukuthi nabo bazobulawa.

Basongelwe nangokuthi umuzi wakubo uzoshiswa.

"Kasisazi sizophuma sibhekephi ngoba namaphoyisa kawasisizi ngalutho. Umphakathi ugcine uvuka umbejazana ngesikhathi efika amaphoyisa ezolanda isidumbu sikaSandile," kusho leli lunga lomndeni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe icala lokubulala kodwa bekungakaboshwa muntu.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 7159 votes
It's four more years for Trump
54% - 8267 votes
Vote
ZAR/USD
16.19
(-0.08)
ZAR/GBP
21.15
(+0.19)
ZAR/EUR
19.18
(-0.17)
ZAR/AUD
11.57
(-0.17)
ZAR/JPY
0.15
(-0.03)
Gold
1910.65
(+0.31)
Silver
24.73
(+0.20)
Platinum
903.00
(+2.61)
Brent Crude
42.50
(+1.69)
Palladium
2389.00
(+0.92)
All Share
55402.11
(+1.11)
Top 40
50817.54
(+1.08)
Financial 15
10593.39
(+2.09)
Industrial 25
74918.06
(+1.06)
Resource 10
53181.40
(+0.69)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo