eGoli- UNobhala-Jikelele weqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) u-Ace Magashule usememezele ukuthi uWinnie Madikizela Mandela uzozilelwa izinsuku eziyishumi.
Ngalezi zinsuku kuzoba nezinkonzo ezahlukahlukene zezikhumbuzo, umngcwabo okhethekile oholwa wumbuso, wukuvakashela ekhaya lakhe kanye nokuvulwa kwetshwe lesikumbuzo ngaphandle kwaseLuthuli House nokunye.
UMagashule uthe amalungu omphakathi ayamenywa ukuba azobamba iqhaza kulokhu.
"NgoLwesine bonke ubuholi be-ANC buzohambela ekhaya lakhe eSoweto lapho kuzobe kuhanjiswe khona incwadi enemilayezo yenduduzo,"kusho yena.
OLUNYE UDABA:Ubuholi be-ANC bonke buyobhonga emswaneni kwaMadikizela-Mandela
Uthi kukhona nemicimbi ehlelelwe izinsuku ezimbalwa ezilandelayo kanye nomcimbi okhethekile ozokuba sesontweni ngeSonto.
"Sinohlelo lukazwelonke oluhlanganisa zonke izifundazwe oluzobe luholwa nguKhongolose ukuqinisekisa ukuba siyalihlonipha leli qhawekazi siyizwe lonke. Ubuhole bukaKhongolose buzoba yingxenye yohlelo lwasemasontweni ezweni lonkana."