Johannesburg - Imbongi uMzwakhe Mbuli kuthiwa uvele wakhihla isililo ngesikhathi kuxoxwa nayo esiteshini sakumabonakude i-Al JAZEERA.
Imithombo yeSunday Sun ithi lesi siteshi sakumabonakude besenza umlando ngempilo kaMzwakhe.
OLUNYE UDABA: UMzwakhe Mbuli kwabakhulekela uMandela
"Uvele wakhihjla isiloli ngesikhathi ebuzwa ngokuhlukunyezwa ngamaphoyisa ngezikhathi zobandlululo," kusho umthombo.
UMzwakhe uthe imibuzo ngesikhathi esedlule imkhumbuze izikhathi ezazibuhlungu.
"Angikwazanga ukuzibamba ngoba kusabuhlungu. Lolu daba lusangizwisa ubuhlungu kakhulu," kusho uMzwakhe.
"Bangibuze ngendawo engiyidlalayo kwiSibaya nakho konke engukwenzayo njengamanje."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter