eThekwini - Intokazi ebisebenzela isiteshi somphakathi iZululand FM uNonhlanhla Mdonso Ngcobo uzojoyina uKhozi FM.
Ngokusho kukaDkt Bhekisisa Ngcobo ongumfowabo omdala kaMdonso futhi ungumphathi siteshi kuZuland FM bayamhalalisela udadewabo ngokujoyina lesi sikhondlakhondla somsakazo.
“Siyamhalalisela ngokukhula kwakhe kwezokusakaza kodwa ngiyazu ukuthi akakafinyelel lapho enginesifiso sokuba afinyelele khona,” kusho yena.
OLUNYE UDABA:Ujoyine iMetro FM owayeshayela uhlelo lwemishado
UDkt Ngcobo uthi akuthanda kakhulu ngaye wukuthi ungumuntu ohloniphayo futhi okhuthele.
“Ngiyafisa ukuthi njengoba esoKhozini aqhubeke nakho ukuhlonipha abantu futhi azithobe ngaso sonke isikhathi.”
ILANGA langeSonto lithi uMdonso umenyezelwe njengomunye wabasakazi abasha oKhozini FM kanti uzoshayela uhlelo lukaMaskandi uSgiya Ngengoma olungena ngoMgqibelo emini.
Lolu hlelo luthathwa njengoluhamba phambili oKhozini FM kanti uzobe ebambisene noZimiphi Zimdola Biyela.