Hammersdale - Sekuphele unyaka kwashona umculi owayecula phambili eqenjini lomculo iSoul Brothers uDavid Masondo, kubika iDaily Sun.
Indodana kaDavid uSphamandla Masondo, 35, uthi sikhulu isikhala sikayise emndenini wakubo futhi namanje kusebuhlungu ukuthi akasekho emhlabeni.
Funda nalolu daba:Impilo iyaqhubeka, kusho oweSoul Brothers
UMasondo washona eneminyaka engu-67 ubudala ngenyanga kaNtulikazi ngonyaka odlule.
Lo mndeni uvule itshe lakhe lesikhumbuzo ngoMgqibelo eHammarsdale eThekwini.
Kulo mcimbi bekumenywe umndeni nabangani ayesondelene nabo.