Durban - Kulimale abantu abangu-33 ezingozini zomgwaqo ezimbili eThekwini ngoMgqibelo ntambama, kusho abosizo lokuqala.
Kulimale abantu abangu-18 ngesikhathi kushayisana imoto encane netekisi ku-N3 westbound eduzane nasemgwaqeni ochezukela eBerea ngezithuba zabo-14:30, kusho uGarrith Jamieson weRescue Care.
"Abosizo lokuqala bafika endaweni yesigameko bafica kulimele inqwaba yabantu. Kwabe sekuphuthunyiswa amanye ama-ambulensi ezolekelela kulesi sigameko. Bonke abalimala baphuthunyiswa ezibhedlela ezahlukene zaseThekwini ngemuva kokulashwa endaweni yeisgameko beyoqhubeka nokwelashwa.
"Okwamanje imbangela yengozi ayikaziwa kodwa amaphoyisa ayaphenya," usho njalo.
OLUNYE UDABA:Kulimale izingane zesikole engozini yetekisi
Khonamanjalo, kwesinye isigameko kulimale abantu abangu-15 engozini yetekisi neloli ku-N3 Durban bound eduzane naseParadise Valley ePinetown.
"Abosizo lokuqala bafike endaweni yeisgameko ngemuva kwezithuba zabo-13:00 bafica itekisi lingene ngemuva kweloli. Kulimele abantu abangu-15 kwabizwa abanye bezimo eziphuthumayo ukuba bayosiza. Kuthe bonke abalimele sebelashiwe baphuthunyiswa ezibhedlela ezahlukene zaseThekwini beyoqhubeka nokulashwa."
Imbangela yengozi ayikaziwa okwamanje, kusho uJamieson.
- ANA