Rosebank - Kulimale abagibeli abangu-11 ngesikhathi kuginqika itekisi kuM1 uma uqeda kuphuma ngaseRosebank ngoLwesine ntambama.
Ngokusho kwabosizo lokuqala i-EMER-G-MED, le ngozi yenzeke ntambama sekuzoshaya u-5.
OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Ingozi yetekisi nemoto encane eNtuzuma
Okhulumela i-EMER-G-MED uMax Cohen uthe:“Abosizo lokuqala bafike abantu sebephumile etekisini.
“Abanye bebehleli eduze komgwaqo, ngenhlanhla akekho olimale kakhulu ngoba abanye bebeyaluza eduze kwetekisi.”
Abalimele baxilongwe khona kule ndawo ngaphambi kokuhanjiswa ezibhedlela ezakuhlukene ukuze baxilongwe kahle, kubika iCitizen.
Eleven people have been injured after a taxi rolled on the M1S at Glenhove Road, in Glenhove https://t.co/YgyfOSXj3f pic.twitter.com/u97atuc9qo
— EMER-G-MED (@EMER_G_MED) August 11, 2016