Durban - Kudutshulwe kwalimala iphoyisa ngesikhathi kudubulana amphoyisa nesigebengu ePhoenix enyakatho neTheku.
Kukholakla mukuthi amadoda angu-10 angene esitolo esidayisa ukudla ezenza amadoda asebenza ukulungisa indawo.
OLUNYE UDABA: Kushone ababili kudutshulwana ebusuku
La madoda abe esehipha izibhamu efuna imali nempahla ebalulekile kubasebenzi besitolo.
Leli qembu la madoda libaleke namaselula nesamba semali esingaziwa.
Amaphoyisa afika endaweni yesigameko ngesikhathi lezi zigebengu sezibaleka kwase kuqhuma inhlamvu phakathi kwazo namaphoyisa lapho okudubuleke khona iphoyisa.
NgokweNewswatch okhulumela amphouyisa uThulani Zwane uthe kudutshulwe umsolwa kanti usesibhedlela la aqashwe khona ngamaphoyisa.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter