Johannesburg - Kulindeleke ukuba avele umastende oneminyaka engu-37 ubudala waseRietvallei eKrugersdorp eWest Rand ngezinsolo zokubulala isiqashi esineminyaka engu-29 ubudala ngempelasonto.
Kusolwa ukuthi kwaqubuka ingxabano phakathi kwabo ngezithuba zabo-23:00 ngeSonto, kubika iKrugersdorp News.
OLUNYE UDABA: Uboshiwe umastende obulale isiqashi kubangwa ugesi
Ngesikhathi kufika amaphoyisa endaweni yesigameko bafica umastende ephethe ummese okubonakala ukuthi wuwo awusebenzise ukugwaza isisulu.
"Umastende wabe esetshela amaphoyisa ukuthi abbe nengxabano ngemuva kokuba isiqashi sinqabe ukuba asebenzise ugesi, umsolwa uthe isiqasho sathenga ugesi kdwa sangafuna ukuba awusebenzise," kusho okhulumela amaphoyisa aseKagiso uWarrant Officer Solomon Sibiya.
Ngesikhathi umastende esethi uwawusika ugesi isiqashi sacasuka sahlasela umastende.
Isiqashi sathola amanxeba esifubeni kanti sahlonzwa njengoshonile endaweni yesigameko ngabosizo lokuqala.
Umastende waboshwa kant ugcinwe esiteshini samaphoyisa aseKagiso la avulelwekkhona icala lokubulala.
Umsolwa ulindeleke ukuba avele enkantolo yemantshi yaseKagiso kuleli sonto, kunika iThe Citizen.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter