Kulindeleke ukuba badonse kanzima abashayeli ngenyanga ezayo

Cape Town – Ukuqina kwentengo kawoyela ezweni lonke kanye nokwehla kwerandi okulokhu kuqhubeke njalo kuyizinkomba zokhuthi izonyuka kakhulu intengo yazo zonke izinhlobo zokawoyela ngokuphela kuka-Agasti, i-Automobile Association (AA) ixwayise kanjalo ngoLwesibili.

Le nhlangano ibiphawula ngombiko wentengo kawoyela wamaphakathi nenyanga ongacwaningiwe nokhishwe yiCentral Energy Fund (CEF).

“Irandi selehle ngokungango-20 cents uma liqhathaniswa nedola kusukela ngokuqala kuka-Agasti. Khonamanjalo, imikhiqizo kawoyela emhlabeni wonke ilokhu iqhubeka nokuba sezingeni eliphezulu eyafika kulona ngokuphela kukaJulayi,” kusho i-AA.

OLUNYE UDABA:Abashayeli bazongena bajule emaphaketheni ngo-Agasti

“Lokhu kusho ukuthi zonke izintengo zikawoyela maningi amathuba okuthi zinyuke kakhulu ngokuphela kwenyanga.”

Intengo kaphethiloli yanyuka ngo-19c ilitha ngokuqala kuka-Agasti ngenxa yentengo ephansi yerandi uma ngabe liqhathaniswa nedola kanye nentengo ephezulu kawoyela.

Ngakho-ke ukuqagula kuka-AA kwamaphakathi nenyanga kuthi uphetheloli kulindeleke ukuthi unyuke ngo-63c, udizili wona ngo-57c bese kuthi uparafini wona unyuke ngo-58c.

I-AA iqagula ukuthi ukunyuka kwentengo kapharafini ikakhulukazi, kuzoba nomthelela ongemuhle emakhaya amaningi ngenxa yokuthi imindeni eminingi  ithembele kuwona ukuze ipheke, ikhanyise bese iyazifudumeza.

Le nhlangano ithi abantu abasebenzisa izinhlobo ezahlukene zikawoyela kumele nakanjani balindele ukukhokha kakhulu kusukela ngokuqala kukaSepthemba. 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When assisting your child with remote learning this year, did you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Follow the school's comprehensive sexuality education (CSE) curriculum?
13% - 81 votes
Adjust the CSE curriculum to suit the family's morals?
28% - 172 votes
Ignore the schools CSE programme and do your own teaching?
59% - 364 votes
Vote
ZAR/USD
15.25
(-0.09)
ZAR/GBP
20.29
(-0.13)
ZAR/EUR
18.23
(-0.10)
ZAR/AUD
11.25
(-0.23)
ZAR/JPY
0.15
(-0.04)
Gold
1787.51
(+0.09)
Silver
22.67
(+0.11)
Platinum
965.22
(+0.30)
Brent Crude
48.27
(+0.96)
Palladium
2413.01
(+0.60)
All Share
57822.50
(-0.17)
Top 40
53021.58
(-0.12)
Financial 15
11577.71
(-0.58)
Industrial 25
79894.95
(-0.12)
Resource 10
52804.55
(+0.03)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo