Durban - Abashayeli bezimoto zazozithokozela lezi zindaba zokwehla kukaphethiloli ngenyanga ezayo, kubika EyeWitnessNews.
Izibalo ezivelayo zikhombisa ukuthi uphethiloli ungehla ngo-69 senti ilitha ngemuva kokuthi wehle ngo-99 senti kule nyanga.
‘Funda nalolu daba:Ungase wehle ngo-R1 uphethiloli ngezayo - AA
Okhulumela abe-AA uLayton Beard uthe inani likaphethiloli, elikadizili kanye nopharafini kuzokwehla.
“Kulindeleke ukuba udizili nophethiloli wehle ngo-92 senti, lokhu kuholwa ukuqina kwamandla eRandi.”
UBeard uqhubeke wathi yize ekhulile amanani kaphethiloli emhlabeni wonke jikelele, iRandi libonakalise okukhulu ukudlondlobala.