Kumele akhishwe amazambane abolile kwi-ANC - Ramaphosa

Johannesburg – UMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa ngeke avumele inhlangano ukuba isebenzele idlanzana elifuna ukufezekisa izimfuno zalo, esho ngoMgqibelo.

URamaphosa ubekhuluma eLimpopo ngemuva kokuthi yena namanye amalungu eTop 6 ehlangane neNkosi yamaVenda kanye nabanye abaholi bendabuko.

"Sizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi yonke into enhlanganweni yenziwa ngokucophelela ngenhloso yokufezekisa izimfuno zabantu esibaholayo.

“Lokhu ngeke sikwenze ngokuthi sifezekise izimfuno zabathile, akukhathaleki yimi noma ngubani omunye. Sizosebenzela into eyodwa kuphela; ukufezekisa izimfuno zeNingizimu Afrika ngoba yiyo esiyisebenzelayo,” esho.

Uthe asikho manje isikhala samazambane abolile kuhulumeni.

OLUNYE UDABA: Abafuna ukuba semabhizinisini kumele baphume kwi-ANC - Ramaphosa

"Akumele senze izinto ezingafanele. Uma kukhona okungalungile okwenzekayo kumele sisukumele phezulu ukususa labo abaphuma eceleni kwi-ANC.

“Uma kukhona abantu abasidonsela emuva abangamazambane abolile kumele bakhishwe bangaze babolise isaka lonke.”

URamaphosa ugqamise ukubaluleka kokuheha abatshalizimali kuleli.

"Labo abafuna ukutshala izimali eNingizimu Afrika, kumele sibenze banamathele kithi, inqobo nje uma behambisana nemigomo yethu futhi beyihlonipha. Kumele balethe ama-dollar abo, badale amathuba emisebenzi khona kuzoqashwa abantu bakithi.”

Udaba oluphelele kwi-e-NCA.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
47% - 9817 votes
It's four more years for Trump
53% - 11022 votes
Vote
ZAR/USD
16.38
(-1.31)
ZAR/GBP
21.28
(-0.88)
ZAR/EUR
19.26
(-0.96)
ZAR/AUD
11.54
(-0.07)
ZAR/JPY
0.16
(-1.44)
Gold
1876.32
(-1.48)
Silver
23.35
(-3.87)
Platinum
870.00
(-0.47)
Brent Crude
41.09
(+1.96)
Palladium
2231.48
(-3.18)
All Share
52308.14
(-3.28)
Top 40
47930.58
(-3.29)
Financial 15
10026.43
(-4.54)
Industrial 25
72862.13
(-1.98)
Resource 10
48131.41
(-4.51)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo