eGoli - Bekuqala ngqa ukumiswa kwefulegi labe-LGBTI ehholweni lomphakathi edolobheni laseTshwane ngosuku lwamalungelo abantu.
UZanele Mbhele oyi-DA Shadow Minister of Police oyilungu lokuqala lephalamende elaphumela obala ngokuba yisitabane uthi amalungelo abo ngamalungelo abantu.
"Iyimbudane yodwa indaba yokuthi sifuna amalungelo akhethekile. Kodwa-ke akwanele ukuthi amalungelo ethu kube yinto ebonakala emaphepheni kuphele, kumele kube yinto ebonakalayo negcizelelwayo,"kusho uMbhele.
Lapha bekuhlanganyele ndawonye abaholi abahlukahlukene abamele imiphakathi ye-LGBTI ngenhloso yokuhlanganyela ndawonye bagubhe lolu suku.
OLUNYE UDABA:Zigwetshiwe ‘izitabane ezabanjwa zizitika ngocansi’
UMbhele uthe ziningi izigameko lapho abeLGBTI bengaphathwa ngendlela.
Uthi basabhekene nezingqinamba ezinkulu uma kuza odabeni lwalabo abaziguqule ubulili.
UHendrik Baird, ongumphathi wesiteshi iGaySA Radio, nokuyisona sodwa siteshi somsakazo o-online e-Afrika uthe ufuna ukubungaza bonke labo abanesibindi sokuphumela obala ngokuthi bafuna ushintsho.