Johannesburg - Singase siphele ngoLwesithathu isiteleka samasonto amathathu sokunyuselwa amaholo sabasebenzi bemboni kaphethiloli.
INational Petroleum Employers Association isiqinisekise ukuthola isimemo esivela eCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) ukuba iyosayinda isivumelwano nenyunyana yabasebenzi abatelekile iChemical Energy Paper Printing Wood and Allied Workers Union (Ceppwawu).
OLUNYE UDABA: Zihlehlisiwe izingxoxo zokuqeda isiteleka embonini kaphethiloli
Lesi siteleka samalungu angu-15 000 eCeppwawu asebenza kule mboni sesiphazamise kakhulu ezindaweni ezahlukene.
Isikhulumi uZimisele Majamane uthe izinhlanga zombili sezize zafika esivumelwaneni ngaphansi kwe-CCMA.
"Sithole isimme esivela eCCMA ukuba siyosayinda isivumelwano kusasa, ngoLwesithathu ngezithuba zabo-14:00, kubika i-SABC.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter