Johannesburg - Umnyango wezeMfundo uthi abafundi nothisha ezikoleni zaseMahikeng aziphephile njengoba kuqhubeka umbhikisho omelene noNdunankulu uSupra Mahumapelo.
Amakilasi aphazamisekile kulandela imibiko engaqinisekisiwe yokokhelwa ngomlilo isikole ngoLwesine.
NgoLwesine, kushone indoda ngemuva kokuba imoto ebihamba ngayo ishayise ababhikishi abebezama ukubalekela amaphoyisa ngesikhathi betapa impahla ezitolo.
Kushiswe inqwaba yezakhiwo nezimoto.
OLUNYE UDABA:Kuphoqeleke ukuba abuye ngokushesha uRamaphosa ngenxa yombhikisho eMahikeng
Sekuboshwe abantu abangu-23 ngamacala odlame lomphakathi ezinsukwini ezintathu ezedlule.
Owomnyango wezemfundo u-Elijah Mhlanga uthe umnyango uzionquma ngeSonto ukuba kufanele yini izikole zivulwe ngoMsombuluko.
"Izikole zisavaliwe ezindaweni eziseMahikeng, njengoba isimo sisemanzonzo, asifuni ukubeka encupheni impilo yabafundi nothisha."
Khonamanjalo, amaphoyisa azoqhubeka nokuqapha isimo kuze kufike uMengameli Cyril Ramaphosa.
Kulindeleke ukuba uRamaphosa ahlangane nabaholi be-African National Congress endaweni okubonakala sengathi kunoqhekeko kubo.
- TWITTER:
The Mmabana Arts and Cultural Centre has been absolutely gutted. According to locals many hometown artists such as Cassper Nyovest have learned and performed at the centre. ?? @Ihsaan_Haffo #Mafikeng pic.twitter.com/z10OF9tuQh
— EWN Reporter (@ewnreporter) April 20, 2018
WATCH Presidential motorcade arrives in #MahikengProtests. Ramaphosa expected to arrive at 12. CM pic.twitter.com/waWzEa4DZK
— EWN Reporter (@ewnreporter) April 20, 2018
- EWN