Johannesburg - Amaphoyisa aphenya icala lokuthumba ngemuva kokuba kulahleke ingane yomfana enezinyanga ezingu-13 eBrackendowns, e-Alberton, e-East Rand ekuqaleni kweviki.
U-Eden Laird, onamehlo a-grey nezinwele ezi-blond, ugcine ukubonakala ngezithuba zabo-08:45 ngoLwesibili ngesikhathi umsizi wasekhaya ehambe neya beyolula izinyawo bangaphinde babuya.
Uthe ubemubelethe emhlane ngo-blanket oluhlaza okwesibhakabhaka.
U-Eden ubegqoke i-tracksuit e-grey, ijezi eli-navy namasokisi amhlophe anoku-navy.
Okhulumela amaphoyisa eGauteng uColonel Lungelo Dlamini utshele iNews24 ngoLwesithathu ukuthi u-Edene nomsizi abakatholakali.
"Okwamanje, siphenya amacala amabili okuthumba," usho njalo.
Ebuzwa ukuthi ngabe lo msizi uyasoleka ekuthunjweni kwale ngane, uDlamini uthe eminye imininingwane isazodalulwa uma amaphoyisa esekhona amubophile.
Onolwazi ngokwenzekile uyacelwa ukuba uConstable Malepe ku-082 358 8369 noma ku-082 771 6328 okanye axhumane ne-Pink Ladies Organisation ku-072 214 7439 noma ku-083 378 4882.