Kuphenywa ngeesokubulawa kowesifazane ekwakhe

Cape Town - Amaphoyisa ayaphenya kulandela ukutholakala kwesidumbu sowesifazane estubhini sakwakhe eWynberg ngoLwesine.

Imilenze yalo wesifazane oneminyaka engu-44 ubudala ibivuliwe kanti futhi ubenenqwaba yamanxeba.

Umakhelwane osebe yisakhamuzi saseWynberg iminyaka elinganiselwe kwengu-50, uthi uzwe isisulu simemeza sicela usizo ngoLwesine ekuseni.

"Omunye womakhelwane ungingqongqozele emnyango. Ngase ngiyongena kamakhelwane ngazithela phezu kwesidumbu," kusho lo wesifazane obeshaqekile.

OLUNYE UDABA:Kugwazwe kwabulawa intombazane, 11, eSoweto

"Kungathi ugwaziwe ngoba ukube udutshuliwe ngabe sizwile. Ingxabano kungathi iqale endlini wabe esephuma ngoba ubefuna usizo."

Igazi beligcwele yonke indawo ngisho nasezimbalini.

Ngokusho komthombo endaweni yesigameko, kubonakale igazi ngisho nasemazitebhisini phakathi endlini.

Kukholakala ukuthi ingane yalo mama eneminyaka engu-7 ubudala ibingekho ihambele umdanso ngesikhathi sesigameko.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Noloyiso Rwexana uqinisekise icala nokuthi akukaboshwa muntu.

"Isisulu sitholwe namanxeba okugwazwa emzimbeni. Bekungakaboshwa muntu okwamanje.

"Onolwazi ngesigameko uyacelwa ukuba asize amaphoyisa ngophenyo ngokushayela uCrime Stop ku-08600 10111."


 - Daily Voice

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 4738 votes
It's four more years for Trump
54% - 5639 votes
Vote
ZAR/USD
16.52
(-0.11)
ZAR/GBP
21.39
(-0.23)
ZAR/EUR
19.45
(-0.53)
ZAR/AUD
11.68
(+0.29)
ZAR/JPY
0.16
(-0.06)
Gold
1903.13
(+0.15)
Silver
24.36
(+0.65)
Platinum
857.00
(-0.58)
Brent Crude
43.03
(0.00)
Palladium
2329.73
(+0.90)
All Share
55161.03
(+0.21)
Top 40
50741.94
(+0.09)
Financial 15
9977.80
(+3.10)
Industrial 25
74762.95
(-0.61)
Resource 10
54129.95
(-0.07)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo