Kuqubuke ukungaboni ngasolinye kwabe-ANC ngodaba lomhlaba

Johannesburg – Kuqubuke enye inkulumompikiswano enkulu ngodaba lomhlaba engqungqutheleni ye-ANC yenqubomgomo eqhubekayo eNasrec, eNingizimu yeGoli, ngoLwesibili.

Imithombo itshele iNews24 ukuthi bebengezwa mshini abalandeli balowo ogaqele isikhundla sokuba ngumengameli olandelayo weqembu, uNkosazana Dlamini-Zuma, iningi labo elivela KwaZulu-Natal, nokuthiwa “belinomsindo futhi lingalawuleki”, lizama ukuvimbela ilungu leNational Executive Committee, uMathole Motshekga, ukuthi akhulume.

Leli qeqebana lezithunywa, kwikhomishana yesine ngoLwesibili, beliphikisana nokuchitha kukaMotshekga isiphakamiso sokuthi kuchitshiyelwe uMthethosisekelo ukuze kuvunyelwe ukudliwa komhlaba ngaphandle kwenkokhelo.

Umthombo utshele iNews24 ukuthi uMotshekga uchaze lesi siphakamiso “njengesingenasizathu futhi esiwubudedengu”.

Kukholakala ukuthi uMotshekga ume kwelokuthi uMthethosisekelo ukubeka kucace ukuthi noma ngabe yiluphi ushintsho olwenziwa kuwona kumele luhambisane noMthethosisekelo kanye nomthetho.

OLUNYE UDABA: I-ANC nesivumelwano sobuholi esizogwema ukuhlukana phakathi

“Leli qeqebana belinganeme ngokuchitha kukaMotshekga isiphakamiso, wathi kuqubula ukucwasa ngokwebala kanye nokwesekwa abantu waphinde wathi ikhwelo lokuchitshiyelwa kwesigaba 25 soMthethosisekelo alinasizathu futhi liwubudedengu,” umthombo usho kanjalo.

INews24 iyakuqonda ukuthi uDlamini-Zuma ubekwikhomishana ngesikhathi kusuka lesi sixakaxaka kanti uye wangenelela.

"UDlamini-Zuma ulivikele ilungelo lakhe lokukhuluma,” umthombo usho kanjalo.

UKhongolose uhlukene phakathi odabeni lokudliwa komhlaba ngaphandle kwenkokhelo, noluphushwa uMengameli Jacob Zuma kanye nesifundazwe aphuma kuso iKwaZulu-Natal.

UNdunankulu waseNorth West, uSupra Mahumapelo, utshele iNews24 eceleni lapho kuqhubeka khona ingqungquthela ukuthi ukudliwa komdlaba ngaphandle kwenkokhelo kumele kwenzeke kuphela uma ngabe umnikazi womhlaba esichitha isiphakamiso semali uhulumeni afuna ukuthenga ngayo umhlaba.

USihlalo we-ANC eNorthen Cape, uZamani Saul, naye usichithe kakhulu lesi siphakamiso, wathi isigaba 25 soMthethosisekelo sinikeza uhulumeni amandla okudla umhlaba, kodwa kumele lokho ukwenze “ngokulinganayo futhi hhayi noma yikanjani” – nokowumbono okukholakala ukuthi uMotshekga uye wawusekela kwikhomishana.

Omunye umthombo, obukwikhomishana yesine kulawa angu-11 abanjiwe, uthe labo abaseka ukudliwa komhlaba ngaphandle kwenkokhelo bathi ukushintsha uMthethosisekelo kungayisiza i-ANC ekuwineni amavoti bese ibhincisela nxaye i-Economic Freedom Fighters, ekhankasa ngokudliwa komhlaba.

NgoMsombuluko, kube nokushintshana ngamazwi ngesikhathi abalandeli baDlamini-Zuma bebhekana ngqo nalabo ababengoNgqongqoshe, uDerek Hanekom kanye noPravin Gordhan.

UHanekom uphoqiwe ukuthi axolise ngesikhathi senkulumompikiswano ngemuva kokuthi ebize ukubuyekezwa komgomo womhlaba “ngombhedo”, nokuholele ekutheni izithunywa zifune ukuthi abhekane nokuqondiswa izigwegwe. UGordhan yena usolwe ngokuba ngumvikeli wongxiwa abamhlophe.

Le ngqungquthela izophela ngoLwesibili, nalapho uZuma ezothula khona inkulumo yokuvala. 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6725 votes
It's four more years for Trump
54% - 7826 votes
Vote
ZAR/USD
16.22
(+0.72)
ZAR/GBP
21.23
(+1.01)
ZAR/EUR
19.18
(+0.92)
ZAR/AUD
11.53
(+0.63)
ZAR/JPY
0.15
(+0.90)
Gold
1900.45
(-1.09)
Silver
24.51
(-1.71)
Platinum
880.00
(-0.34)
Brent Crude
42.06
(-3.35)
Palladium
2384.00
(-0.02)
All Share
54796.42
(-0.99)
Top 40
50276.84
(-1.23)
Financial 15
10376.28
(+2.34)
Industrial 25
74130.97
(-0.60)
Resource 10
52819.20
(-2.99)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo