Durban - IMangosuthu University of Technology iphenya ngesigameko sokucekelwa phansi kwamabhasi ayisithupha ezelamani zakwaGcaba, ngoLwesihlanu ebusuku.
Umndeni wakwaGcaba unobuhlobo noMengameli Jacob Zuma, kanti waziwa kakhulu embonini yamatekisi nezokuthutha.
Okhulumela i-MUT uZwelakhe Shangase uthe imbangela yalesi sigameko ayaziwa.
OLUNYE UDABA: 'Umshana kaZuma nguye ubhongoza kolwamatekisi'
“Inyuvesi ibivalelene emhlanganweni nabahlinzeki bezidingo izama ukuthola izisombululo kulandela ukushiswa kwamabhasi ayisithupha ngaphandle kweFaculty of Natural Sciences,” esho.
“Iziphathimanda zicela ongaba nolwazi mayelana nalesi sigameko ukuba aphumele obala.
“Abanikazi bamabhasi baqinisekisile ukuthi ngeke kuphazamiseke ukuthuthwa kwabafundi,” esho.