Cape Town – Kushiswe ibhasi, amanye ajikijelwa ngamatshe, kanti abanye abagibeli babika ngezigameko zokwesatshiswa njengoba abamatekisi bengenele isiteleka ngoMsombuluko ekuseni.
Ososeshini abangu-9 abangaphansi kweSouth African National Taxi Council (Santaco) esifundazweni, phakathi kwezinye izinto, abakhala ngazo ukuthi abeneme ngobuholi bale nhlangano yamatekisi.
Bafuna uNgqongqoshe wezokuThutha nemiSebenzi yoMphakathi, uDonald Grant, angenelele.
OLUNYE UDABA: Zimkhalele ogwaze washisa obesiza owesifazane
Ososeshini bamatekisi esifundazweni bafuna uGrant noMnyango wakhe bahlele inkomfa yokuphakanyiswa kwamagaba abaholi abasha.
Kodwa uGrant kubikwa ukuthi ubengazimisele ngokungenelela.