Johannesburg - Kushone abantu ababili engozini enyantisayo eyenzeke kuShepstone Road, eNew Germany esifundazweni iKwaZulu-Natal ngoLwesibili ebusuku.
Ngokusho kwabosizo lokuqala bakwa-Rescue Care, ngesikhathi befika endaweni yesigameko bahlangabezane nesimo esinyantisa igazi.
"Kushayisane imoto yamaphoyisa kanye nemoto encane ngaphambi kokuba eyamaphoyisa igingqike ilale ngohlangothi.
OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe olahlwe elokubulala ehotsela KwaMashu
"Abagibeli ababili ebebesemotwemi, owesilisa nowesifazane, bevaleleke phakathi," kusho iRescue Care.
Bebelimele kabi nokuthe uma kuhlolwa isimo sabo kwatholakala ukuthi sebeshonile.
Iphoyisa kanye nabanye ebebesemotweni yamaphoyisa abalimalanga kabi, kanti bathole usizo lokuqala base beyiswa esibhedlela.