Cape Town - Kushone abantu ababili kwathi abanye ababili balimala kabi ngesikhathi behlelwa yingozi emgwaqeni onguthelawayeka u-N1 ngaseBeaufort West.
Le ngozi yenzeke ezintatha kusanda kuhlukana usuku.
OLUNYE UDABA: Kulimale izingane zesikole engozini yetekisi
Okhulumela ezokuthutha eWestern Cape uKenny Africa uthe: “Umshayeli wemoto encane ubelibangise ngaseBeaufort West. Kuthe nje esengakule ndawo waphunyukwa yimoto.
"Imoto ibe isigingqika kwaholela ekushoneni kwabantu ababili. Abanye ababili balimale kabi kanti baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bayothola ukwelashwa."