Kushone 'iphoyisa' esigamekweni sokubanjwa inkunzi imoto yemali

Johannesburg - Indoda egqoke i-bullet proof itholwe ishonile eceleni kweveni lamaphoyisa endaweni yesigameko sokubanjwa inkunzi imoto yemali izolo.

Isigameko senzeke emgwaqeni ophakathi kwaseKamagugu nase-University of Mpumalanga eMbombela.

Kuphuthunyiswe esibhedlela abantu ababili abebedlula ngendlela endaweni yeisgameko ngemuva kokudubuleka esigamekweni sokudubula.

Izakhamuzi zizwe ukuqhuma kwezibhamu nomsindo omkhulu wokuqhuma kwebhomu ekuseni ngovivi.

OLUNYE UDAB:Liboshiwe iphoyisa elisolwa ngokudayisela izigebengu izibhamu eKZN

Amaphoyisa athe abasolwa, kukholakala ukuthi bebehamba ngemoto ezimbili iMercedes-Benz ne-BMW, bashayise ngazo imoto yemali i-SBV eqhunyiswe ngemuva kwesikhashana.

Abasolwa babaleke nesamba semali esingaziwa. Imoto emhlophe, i-BMW X5 ishiywe kanjalo eceleni komgwaqo KamAGUGU rOAD.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Leonard Hlathi uthe amaphoyisa asaphenya ukuthi ngabe umufi ubeyiphoyisa ngempela yini.

"Sithungatha abasolwa," usho njalo.

"Onolwazi ngesigameko uyacelwa ukuba axhumane noColonel William Mokonyama ku-082 565 7099."

 - Daily Sun

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 4083 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2777 votes
No, I don't think they need it
36% - 3920 votes
Vote
ZAR/USD
15.29
(-0.52)
ZAR/GBP
21.24
(-0.12)
ZAR/EUR
18.29
(-0.11)
ZAR/AUD
11.81
(-0.08)
ZAR/JPY
0.14
(-0.10)
Gold
1700.44
(+0.04)
Silver
25.20
(+0.16)
Platinum
1128.01
(+0.31)
Brent Crude
69.67
(+3.93)
Palladium
2329.95
(+0.62)
All Share
68271.19
(+0.78)
Top 40
62788.64
(+0.87)
Financial 15
12759.80
(+0.67)
Industrial 25
87613.31
(-0.32)
Resource 10
70801.78
(+2.36)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo