Johannesburg – Owesilisa oseminyakeni eko-60 ubudala ushokhwe ugesi washona ngesikhathi imoto yomsebenzi ithinta izintambo zikagesi eWestern Cape.
Uzakwabo, oseminyakeni eko-20 ubudala, ushe kabi umzimba wonke,” kusho abezimo eziphuthumayo bakwa-ER24.
Lesi sigameko senzeke ngakuR44 ngaphandle kwaseSomerset West.
OLUNYE UDABA: Ushokhwe ugesi washona eyokha amanzi
"Ube esethola usizo lwezempilo wase ephuthunyiswa esibhedlela lo omncane,” kusho okhulumela i-ER24 uChitra Bodasing.
Abosizo lokuqala bathi le ndoda endala yona bafike endaweni yesigameko isesimeni esibucayi.
“Sizame konke ukuyisiza, kepha kwazinhlanga zimuka nomoya. Ibe isihlonzwa njengeshonile khona endaweni yesigameko,” kusho uBodasing.