eGoli - Kuqubuke ilangabi emotweni ngemuva kokuba iphaphalaze iyoshayisa isihlahla ngezintatha zangeSonto.
Abe-Netcare 911 babizelwe emgwaqeni uWilliam Nicol Drive (M80) eBryanston, usho okhulumela le nkampani uShawn Herbst.
OLUNYE UDABA:Alokhu angene njalo amazwi enduduzo ngokushona kusaziwayo abathathu
“Ngesikhathi befika abezimo eziphuthumayo bathole kukhona ama-ambulensi eselekelela. Kuthiwa umshayeli wemoto encane uhlulekile ukuyilawula waqonda esihlahleni yokheleka ngomlilo."
Abezicishamlilo nabo bebekhona bebhula ilangabi. Bekunomuntu oyedwa emotweni, kanti ushonele khona lapho.