Kushone umshayeli izigebengu zibamba inkunzi igalaji eMpumalanga

Johannesburg - Amadoda abalelwa kwangu-13 abehlomile aqhumise isisefo egalaji likaphethiloli endaweni yaKamhlushwa, eMpumalanga, ngaphambi kokuvulela ngenhlamvu kwashona umshayeli, kusho amaphoyisa aseMpumalanga ngoLwesibili.

Isigameko senzeke ngoMsombuluko eskuseni ngovivi, kusho uBrigadier Leonard Hlathi.

"La madoda abehlome ngezibhamu aqhumise isisefo athatha ugwayi nesamba semali esingadalulwanga," kusho uHlathi.

OLUNYE UDABA:I-video: Izigebengu zibamba inkunzi eThekwini

"Abasolwa bebehamba ngeveni elimhlophe lohlobo lweBantam, ene-number plate okungesiyo eyaleli veni," usho njalo eqhuba.

Ngesikhathi kuqhubeka lobu bugebengu kungene imoto egalaji, umshayeli wayo wadutshulwa washonela khona lapho.

"Khonamanjalo, imoto yalo mshayeli iqhubekile yahamba yaze yayoshayisa umuzi oseduze naleli galaji," kusho uHlathi.

Akekho olimalile kulo muzi.

Kuphinde kwafika enye imoto kuleli galaji, yahlangabezana nentululwana yezinhlamvu. Ngenhlanhla umshayeli wayo wakwazi ukubaleka ngaphandle kokulimala.

Amaphoyisa ayaphenya.

- SowetanLive

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As South Africa faces down the third Covid-19 wave, how are you keeping your family safe ?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Staying at home, isolating and being careful
3% - 1434 votes
Sanitising and wearing masks when we go out
14% - 5631 votes
Going on as usual, we're not afraid of the virus
83% - 33912 votes
Vote
Rand - Dollar
13.98
+0.9%
Rand - Pound
19.84
+0.5%
Rand - Euro
17.09
+0.3%
Rand - Aus dollar
10.91
+0.4%
Rand - Yen
0.13
+0.5%
Gold
1,868.68
+0.1%
Silver
28.25
+0.2%
Palladium
2,907.66
+0.2%
Platinum
1,223.00
-1.7%
Brent Crude
69.46
+1.1%
Top 40
61,190
-0.0%
All Share
67,255
+0.1%
Resource 10
70,784
+0.2%
Industrial 25
83,774
-0.3%
Financial 15
12,689
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo