Johannesburg – Kushone umuntu oyedwa, kwalimala kabi omunye esigamekweni sokudubulana obekuphakathi kwamaphoyisa nezigebengu eGoli.
Abezimo eziphuthumayo bathi bafike endaweni yesigameko bathola umsolwa eseshonile.
Khona lapho baphinde bathola nelinye lamaphoyisa lilimele.
OLUNYE UDABA: Kutholakale owesifazane ongaziwa emgodini ongajulile epulazini
Abanye abantu besilisa ababili okukholakala ukuthi bebebukela bathole ukulimala okungatheni.
Okhulumela i-ER24 u-Annine Siddall uthi: “Okwamanje, akucaci ukuthi balimale kanjani. Imbangela yesigameko ibingakaziwa kodwa iziphathimandla zendawo ziqhuba uphenyo.”