'Kuthiwa akathakathwe owebe imali yeStokfela'

Durban - Ziyabhibha izinhliziyo zamalunga esitokofela saseNgonyameni eNgwavuma, ngemuva kokuba kubanjwe usikhwama  wawo inkunzi waphucwa u-R112 000 nemoto, kubika iLANGA.

Amalunga alesi sitokofela asezokuba noKhisimusi omkhace ngenxa yokubhozonyelwa kukaMnu Skipas Ntshangase waphucwa le mali ngoMsombuluko ntambama kade ephuma ukuyoyikhipha ebhange edolobheni eJozini.

UMnu Ntshangase uthi kuthe eseyongena kwakhe - lapho amalunga esitokofela abemlinde khona kwavumbuka indoda esithubeni yamkhomba ngesibhamu, yamtshela ngesidlozana ukuba akhiphe yonke imali abeyoyikhipha ebhange.

OLUNYE UDABA:U-MMM uzama ukudoba abadlala izistokfela - Isikhulu

"Ngimangele sengivukelwa yindoda ingikhomba ngesibhamu ithi mangikhiphe imali engibuya nayo ebhange.  Ngingakaphenduli, ingiyalele ukuba ngiphume emotweni. Emuva kwalokho lo mlisa ushaye wachitha nemoto yami.

"Okubuhlungu nje sebezoba noKhisimusi omubi abazali bethu nemoto kaMnu Ntshangase ihambile. Okubuhlungu wukuthi uNkulunkulu uyashesha ukuzwa ukukhala kwabafelokazi ngakho lo guluva makaqaphele angazitholi esekolukhulu utalatiya ngoba uzidonsele yena isiqalekiso," kusho ilunga lomphakathi elinxuse ukuba lingadalulwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe amacala mayelana nokubamba inkunzi lapho kuthathwe khona imali nomakhalekhukhwini.

"Amaphoyisa aseNgwavuma aphezu kophenyo, kuvulwe amacala ngalesi sigameko. Konke lokhu kwenziwe ngumlisa obehlome ngesibhamu ekhombe isisulu ngaso maqede washaya wachitha nemoto nemali," kuphetha uCapt Gwala.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
47% - 7905 votes
It's four more years for Trump
53% - 9069 votes
Vote
ZAR/USD
16.28
(-0.44)
ZAR/GBP
21.17
(-0.05)
ZAR/EUR
19.27
(-0.29)
ZAR/AUD
11.57
(-0.09)
ZAR/JPY
0.16
(-0.18)
Gold
1897.80
(-0.02)
Silver
24.17
(-1.09)
Platinum
882.00
(-1.45)
Brent Crude
41.25
(0.00)
Palladium
2357.22
(-0.42)
All Share
55201.75
(-0.25)
Top 40
50544.82
(-0.29)
Financial 15
10734.67
(-0.52)
Industrial 25
74662.93
(-0.32)
Resource 10
52483.98
(-0.15)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo