Kuthiwa akaziqoqe 'uNonny' noma abone indlela

Johannesburg - Umlingisi womdlalo wodumo kumabonakude iMuvhango ku-SABC 2, uPhindile Gwala, odlala indawo kaNonny kuthiwe akakhethe akenze okufanelekile noma ashiye kulo mdlalo.

Lokhu kulandela ngemuva kokuba uPhindile evele ezindabeni ngezizathu ezimbi.

AbeSunday Sun babike ukuthi isikhulu esiphezulu seMuvhango uDuma Ka Ndlovu akaneme ngendlela yokuziphatha kaPhindile uma engekho emsebenzini.

“UDuma akathandi kubikwe okabu ngeMuvhango noma ngabalingisi bayo. Wake wathi ekugcineni kucekelekela phansi isithunzi somdlalo,” kusho omunye wabalingisi.

OLUNYE UDABA: OweMuvhango ecaleni lokushayela ngaphansi kwencindezi yophuzo oludakayo

“Kanti eminyakeni emibili eyedlule uNonny usewucekele phansi lo mdlalo kakhulu kunabanye abalingisi.

Ngaphambilini umlingisi uMelusi Yeni owayedlala indawo kadokotela Patrick waxoshwa ngemuva kwezigemegeme eziningi.

Umthombo utshele abephephandaba ukuthi le ntombazane iqine kakhulu futhi ihlezi isemaphathini futhi ihlale ikhathele emsebenzini.

Kamuva nje abeSunday Sun babika ukuthi abadlali bebhola ababili basempini kubangwa uNonny kanti ngesonto eledlule kwabikwa ukuthi waboshwa ngamaphoyisa aseGoli ngezinsolo zokushayela ephuze amponjwana.

UPhindil;e akatholakalanga ephawula.

Okhulumela abeMuvhango u-Amanda Ngudle uthe: “Konke okushiwoyo akusilo iqiniso …okokuqala nje uakabuthinti utshwala futhi akayihambi imicimbi.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When planning for the Black Friday sales do you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Save, research and plan ahead, preparing to make the most of it?
8% - 901 votes
Wait and see what looks like a good deal on the day?
14% - 1697 votes
Have no interest in spending more money this year?
78% - 9328 votes
Vote
ZAR/USD
15.31
(+0.32)
ZAR/GBP
20.44
(+0.27)
ZAR/EUR
18.18
(+0.19)
ZAR/AUD
11.23
(-0.12)
ZAR/JPY
0.15
(+0.58)
Gold
1803.69
(-1.76)
Silver
23.10
(-1.71)
Platinum
957.74
(+3.23)
Brent Crude
45.51
(+2.15)
Palladium
2338.79
(+0.53)
All Share
57761.92
(+1.08)
Top 40
53049.43
(+1.09)
Financial 15
11674.99
(+2.97)
Industrial 25
80126.12
(+0.26)
Resource 10
52568.48
(+1.54)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo