Lady Lake - Amaphoyisa abizelwe ePublix endaweni yaseFlorida ngemuva kokuba ikhehla linika owesifazane imali ukuze emthinta esifubeni, kusho amaphoyisa.
Amaphoyisa aseLady Lake abizelwe endaweni yasePublix ngemuva kokuba uJames Deward Chaska, 85, lenze into eyihlazo.
UChasko ube esexoshwa ePublix watshelwa ukuthi uma eke waphinde wabuya uyoboshelwa icala lokungena ngesiphambeko endaweni.
OLUNYE UDABA: Kuyagulisa ukungabi nabangani-Ucwaningo
Ngokusho kophenyo lwamaphoyisa uChaska ubehamba ngesihlalo esinamasondo i-wheelchair ngaphakathi esitolo kuBichara Boulevard ngoLwesithathu ntambama ngesikhathi esondela kulo wesifazane.
UChaska wabe esebamba isandla salo wesifazane wamnika imali elinganuiselwe kwengu-R284 ngoba efuna ukuba avume ukuba amubambe amabele. Lo wesifazane wavele wasuka wahamba wayobijkela imenenja yesitolo okuyiyo eyabikela amaphoyisa.
Ngesikhathi amaphiysa ekhulumanoChaska wavele wathi wayezidlalela. Imenenja yesitolo yatsela amaphoyisa ukuthi sekukaningi abantu besifazane bekhala ngaleli khehla elibathintayo, kubika i-wwww.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho