Johannesburg - Isikhulu esiphezulu soKhamba Communications u-Alfred Mpofu sisolwa ngokuxhaphaza abasebenzi sibathembisa ukubakhuphula ezikhundleni uma bezibandakanya naye ocansini.
UKhamba yinkampani ephrojusa izinhlelo zakumabonakude ezitshengisa ku-SABC 1 iRoots noMzwilili.
Imithombo ithi u-Alfred wenza abasebenzi izigqila.
OLUNYE UDABA: Kuhlengezele izinyembezi kwimbongi ibuzwa ngesikhathi sobandlululo
Omunye wabasebenzi uthe: "Ngenyanga edlule wahlephula ilaptop yakhe, ngagcina ngingaholanga.
"Ngesikhathi ngimbuza ukuhi kungani ngingaholile wathi bekufanele akhande ilaptop.
"Wangithembisa ukuthi ngizohola zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa kodwa ngangahola."
"Sekuphele amasonto amabili ngimbuza ngeholo lami kodwa sengibonile ukuthi uyadlala.
"Ngigcine ngixoshiwe la engihlala khona. Ngamunika incwadi yokwesula emsebenzini ngamtshela ukuthi ngizomdalula.
"Uthe angenze njalo mase ngiyabona ukuthi ngisazophumelela yini empilweni."
Osebzenza ukugqokisa abethuli bezinhlelo uthe: " Le ndoda ingikweleta imali ecishe ifinyelele ku-R30 000 wezimpahla ezigqokwa ngabethuli bezinhlelo kuzo zombili izinhlelo.
"Ngikhathele impatho yakhe.
"Uqhoshe ngokuthi i-SABC ivuselele inkontileki yakhe kuzo zombili izinhlelo yamnika ama-million. Uzongikhokhela uma esethola isikhathi."
Umthombo osondelene nesikhulu soKhamba sithe u-Alfred unomlando wokuyenga abesifazane ocansini ebathembisa izikhundla eziphezulu emsebenzini.
Umthombo uthe: "U-Ali usebenza ukuthanda kwakhe.
"Ufuna abantu besifazane enkamapanini bazibandakanye naye ocansini ukuze bezokhushulelwa amaholo noma bathole izikhundla eziphezulu enkampanini.
"Ukungasi konke lokho!
"I-SABC kufanele isitshele umangabe besebenzisana nabantu abanje."
U-Alfred uthe: "Ngiyazi ukhuluma ngabaphi abantu. Babengasebenzeli uKhamba."
Okhulumela i-SABC uKaizer Kganyago akatholakalanga ephawula.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter