Kuthiwa uMroza fanele abonge inyanga ngodumo lwakhe

Durban - Isihlabani somculo kaMaskandi, uMroza ogama lakhe lokuzalwa nguSthembiso Fakude kusolwa ukuthi fanele sibonge inyanga enkulu uMkhulu 3 Seconds ngodumo lwaso.

Iphephandaba iSunday Sun ikholwa wukuthi isihlabani seculo Van Damme besilokhu sivakashelana nale nyanga eMhlathuze River, KwaZulu-Natal saze sagezwa ngoDisemba.

Ngesikhathi abephephandaba bethinta le nyanga, u-3 Seconds ithe, yona ibisiza la obekudingeka khona usizo.

OLUNYE UDABA: Ugqigqa ezinyangeni uzama inhlanhla umculi wodumo

"Ngisanda kusiza uMroza ukuthi ahlomule kwi-Song of the Year (iculo lo nyaka),"kusho u-3 Seconds.

Kodwa lo mculi uziphikile izinsolo wathi u-3 Seconds uyisihlobo sakhe.

UMroza uthe: "Angikwazi lokho, uMkhulu u-3 Seconds akakaze ayongigeza emfuleni." 

Kodwa imithombo isola ukuthi uMroza akasiye yedwa usaziwayo oseke wabusiswa wu-3 Seconds.

Inkakha yomculo kaMaskandi Ihashi Elimhlophre nenkosikazi yayo, u-Ebony kusolwa ukuthi yibo abagcine ukuyobonana nale nyanga. Lokhu kuza ngemuva kokuba bebonakale bebhabhadiswa emfuleni waseMhlathuze ngaphambi kwaKhisimusi.

Omunye wofakazi uthe: "Noma ngabe yini abebeyizele la, izosebenza njengoba kungesizo kuphela izicikuthwane ezivakashela u-3 Seconds."

Kodwa Ihashi Elimhlophe lithe: "Angiyazi leyo ndoda. NgangiseMhlathuze ngiyonandisa, ngangingahambele ezinye izinto."

U-Ebony uthe abahlangani nezinyanga.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 5995 votes
It's four more years for Trump
54% - 7076 votes
Vote
ZAR/USD
16.34
(+0.62)
ZAR/GBP
21.38
(-0.32)
ZAR/EUR
19.37
(+0.51)
ZAR/AUD
11.60
(-0.03)
ZAR/JPY
0.16
(-0.14)
Gold
1924.66
(+0.77)
Silver
25.16
(+1.77)
Platinum
889.83
(+2.34)
Brent Crude
43.05
(+1.28)
Palladium
2387.08
(+0.48)
All Share
55277.45
(+0.01)
Top 40
50844.77
(-0.01)
Financial 15
10048.05
(+0.92)
Industrial 25
74886.80
(-0.90)
Resource 10
54193.27
(+0.75)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo