Sebayeng – Amaphoyisa athungatha amadoda kulandela isigameko sokubulaw kwesaguga ngesihluku nomsizi waso eMakotopong Village ngaphandle kwasePolokwane eLimpopo.
Izisulu zombili uMoloko Nkoana, 88, noMaggie Molefe, 44, zagcina ukubonakala ngomhlaka-16 Agasti.
OLUNYE UDABA: Kubulawe isaguga kwalimala isoka laso e-KZN
Izidumbu zatholwa ngesikhathi umzukulu kalo gogo ethi uyobavakashela. Izidumbu zasezivele ziseziqala ukonakala.
Ngokusho kokhulumela amphoyisa aseLimpopo uRonel Otto uphenyo lwakamuva luveza ukuthi oyedwa wezisulu waklinywa kanti omunye wagwazwa amanxeba amaningi.
"Imbangela yokubulala ayaziwa kulesi sigaba kodwa kusolwa nokuthi zabanjwa inkunzi klezi zisulu njengoba amasella azo engatholakali," kusho uOtto esitatimendeni.
Uzwakalise ukushaqeka ngesigameko ukhomishana wamaphoyisa esifundazwe uLieutenant-General Nneke Ledwaba wathi lesenzo siwubulwane.
Kucelwa amalungu omphakathi anolwazi athinte amaphoyisa, uCaptain Ramoomedi Sekgota ku-082 565 9165 noma uCaptain Mokwele Mokgawa ku-076 873 5667.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter