eGoli - Amaphoyisa kanye naboMnyango wesokuHlunyeleliswa kwezimilo baphume umkhankaso wokuthungatha iziboshwa ezeqe ejele.
Kuthiwa zingu-16 izoboshwa ezeqe esikhungweni iJohannesburg Correctional Centre.
USingabakho Nxumalo okhulumela lo mnyango uqinisekise lokhu ngesikhathi etshela abeDaily Sun ukuthi zingu-16 iziboshwa ezeqe ngoMsombuluko ekuseni.
Leli ziboshwa zeqe ngepayipi zisebenzisa isikhali esithile ukuvula imbobo odongeni zase zeqa ufenisi.
OLUNYE UDABA:Kugwazwe ojele ababili ejele eliseGoodwood
Kuvulwe icala ngalesi sigameko kanti amaphoyisa asaqoqa bonke ubufakazi obuzosiza kubanjwe lezi ziboshwa.
"Okwamanje sisahlanginisa imininingwane yabo ukuze ikhishelwe emphakathini,"kusho uNxumalo.
Lo mnyango unxusa amalungu omphakathi ukuba usizi kubanjwe lezi zigelekeqe.