Johannesburg - Kuthiwa umsolwa akashongo lutho ngesikhathi ehosha isibhamu evulela ngenhlamvu kumshayeli wetekisi eCradlestone Mall.
“Amaphoyisa afike athola umshayeli wetekisi edindilizile erenki kule nxanxathela yezitolo,”kusho amaphoyisa aseMuldersdrift.
Funda nalolu daba:Umshayeli ushiye itekisi nabagebeli ebona amaphoyisa
Ozibonele ngawakhe utshele amaphoyisa ukuthi itekisi beseliphuma erenki linamagibeli abangu-11 ngesikhathi kuqhamuka indoda engaziwa ngasohlangothini lo mshayeli wamdubula amanxeba ambalwa.
Kuthiwa umsolwa ulandele lomshayeli ngisho esephumile etekisini waqhubeka nokumdubula eselele phansi emncenga, kubika iCitizen.