eSoweto - Umphakathi uthathele emgwaqeni eSoweto nase-Eldorado Park ngoLwesithathu ekuseni ukhala ngokugqoza kwentuthuko emphakathini.
Kulo mbhikisho oqhubeka eSoweto, kuvalwe imigwaqo embalwa ngamatshe namathayi.
Okhulumela amaphoyisa kaMasipala waseGoli uWayne Minnaar uthi kabayitholi kahle imininingwane mayelana nayo yonke imigwaqo evaliwe.
“Abashayeli bezimoto eSoweto kabagweme ukuhamba emigwaqeni uMojaji ePimville, uKlipspruit Valley Road ekhoneni elingenela ku-N17 e-Orlando West, kanye naku-Union Road eKliptown ngoba le migwaqo ivalwe ngamatshe futhi kushiswa namathayi."
OLUNYE UDABA: ISITHOMBE: Kube ngenyantisa igazi ingozi eyenzeke ku-N3 ngakwaNobamba
Uthi akungeneki nhlobo kule migwaqo kanti abashayeli bangasebenzisa imigwaqo uChris Hani Road, Elias Motsoaledi kanye noSoweto Highway okuyiyona esasebenza okwamanje.
Akukacaci kahle ukuthi yini imbangela yale mibhikisho kodwa kuzwakala sengathi kuhambisana nokwentuleka kukagesi, yizindlu, imfundo yamahhala kanye nemisebenzi.
Amaphoyisa alawula udlame emphakathini aku-N12 naseLenasia njengamanje lapho kuqale khona uthuthuva ekuseni.