EKapa - Ingozi enyantisa igazi idlule nemiphefumulo emihlanu kwaphoqeleka ukuba kuvalwe uN1 ngaseLaingsburg.
Le ngozi ibandakanya imoto yohlobo lwe-Datsun Go kanye ne-Hyundai i10 zitholane phezulu kulo mgwaqo phakathi kweLaingsburg nomgwaqo uPrince Albert ezintatha ngo-03:30 ngoLwebili.
UKenny Africa oyi-Western Cape Provincial Traffic Chief uthe: "Okwamanje kasinayo eminye imininingwane mayelana nale ngozi ngoba abezimo eziphuthumayo bebesematasa besebenza ngesikhathi sithola umbiko.
Uthi bebebahlanu abantu abebegibele iDutsun amadoda amabili, abesimame ababili kanye nengane eyodwa, bonke bashonele lapho endaweni yesigameko.
Ababili ebebekwi-Hyundai bebevaleleke emotweni.
OLUNYE UDABA:Kushone oyedwa kwalimala omunye esigamekweni esenzeke kwaChicken Licken
"Kunzima ukusho ukuthi yini imbangela yale ngozi okwamanje,"kusho yena.
Lo mgwaqo uvelwe nhlangothi zombili ukuze abezimo eziphuthumayo kanye namaphoyisa bakwazi ukusebenza kahle.
U-Africa uthi lo mgwaqo waziwa kakhulu njengonobungozi.