Polokwane - Amaphoyisa eLimpopo avule idokodo kulandela ukutholakala kwesidumbu sentombazane, 10, silenga esihlahleni eduzane nakubo eNkovani Village.
Isidumbu sale ntombazane sitholwe wumngani wayo, naye oneminyaka engu-10 ubudala, kusho okhulumela amaphoyisa uConstable Mienkie Ramakgoakgoa.
Le ntombazane ihlonzwe ngelikaNtwisiso Tshabalala, obenza uGrade 4 eTivoneleni Primary School.
OLUNYE UDABA:Ingane 'edlwenguliwe' itholakale ilenga esihlahleni
"Umangani womufi, obeshaqekile, ubikele abantu abadala kulandela ukubona umngani wkahe ezwinga esihlahleni ngemuva kwendlu," kusho uRamakgoakgoa.
Uthe izakhamuzi zibike udaba emaphoyiseni, kodwa intombazane ihlonzwe njengoshonile khona endaweni yeisgameko.
"Kuyinto embi ukutholakala kwengane phansi kwalesi simo. Sicela abazali ukuba bazinakekele izingane futhi bazazi ukuthi zikuphi ngaso sonke isikhathi," kusho uRamakgoakgoa.
Imbangela yesigameko ibingakaziwa kodwa uphenyo luyaqhubeka.