Nairobi - Kuxoshwe othisha abangu-71 eKenya ngamacala okubalwa kuwo ukudelela, ubudedengu nokuzibandakanya ocansini nabafundi, kusho umqashi wabo.
ITeachers Service Commission ikhiphe labo thisha emabhukwini ngemuva kokuba kwakuxoshwe abanye othisha besilisa abangu-40 ngoJanuwari ngamacala afanayo.
OLUNYE UDABA:Kuxoshwe uthisha ngezinsolo zokudlwengula
Ngo-2016, kwaxoshwa othisha abangu-22 ngokuzibandakanya ocansini nabafundi kanti ngeke baphinde bavunyelwe ukuba bafundise eKenya.
Kanti ngonyaka ka-2015 kwakuxoshwe abangu-126.