Johannesburg - Abosizo lokuqala eGoli banxusa izakhamuzi ukuba ziqaphele uma zisebenzisa impahla esebenza ngogesi kule mpelasonto njengoba izangoma zezulu zixwayisa ngomsinga obandayo.
Bakusho lokhu njengoba kulindeleke izimvula namakhaza ashubisa umnkantsha eGauteng.
OLUNYE UDABA:Kulindeleke ukuba ashubise umnkantsha amakhaza eThekwini
Abosizo lokuqala bathe bazobe beqaphe ngelokhozi isifundazwe sonke.
URobert Mulaudzi okhulumela abosizo lokuqala uthe: "Izakhamuzi ezihlala emijondolo zisebenzisa kakhulu amakhandlela nezitofu zikaphalafini. Siyacela kuzo ukuba ziqikelele kakhulu, amakhandlela nezitofu kungavuthi kukodwa."
Khonamanjalo, kubikwe ukuthi kulindeleke imvula enkulu engase idale izikhukhula ngoLwesine KwaZulu-Natal.
Lezi zimvula zingase ziqhubeke nangoLwesihlanu, kusho izangoma zezulu.
- EWN