Johannesburg - Imizamo yeNkosi yabaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo yokuhambela umgcwabo kaMama Winnie- Madikizela-Mandela ayiphumelelanga njengoba uMnyango wezamaJele usichithile isicelo sakhe sokufaka ilivu.
Lokhu kudalulwe yindodana yakhe eyibamba leNkosi uAzenathi Dalindyebo, ngesikhathi ikhuluma esiteji.
OLUNYE UDABA:Buka: Kugcwele phama e-Orlando Stadium
UDalindyebo uboshwe ejele lase-East London e-Eastern Cape ngecala lokushaya nokushisa. Abefisa ukukusho kudluliswe nguMthunzi Ngonyama.
Ngesikhathi u-Azenathi Dalindyebo edlulisa inkulumo yakhe, uthe kuyishwa ukuthi uMadikizela-Mandela uhlonishwe engasekho.
"Isifiso sethu bekuwukuthi afihlwe ekhaya eQunu. Kodwa siyasihlonipha isifiso somndeni ngoba ubengumuntu omkhulu. Bekuzoba kuhle kakhulu ukube uhlonishwe esaphila," kusho uDalindyebo.