'Lelizwe lisaphethwe ongxiwankulu'

Durban - Ngithuke kwaphela nasozwaneni ngibona inkulumo kaMongameli wakuleli ubaba uNxamalala ethinta udaba lwemihlaba. Ngithuswa ukuthi ngayibona kudala lento sasiprofetho kanti ngangiqinisile nansi yenzeka ngampela.

Ngathi kwenye insizwa lelizwe lisaphethwe abelungu, yaphika yathi ngenziwe ubuqaba nokubukela phansi umzabalazo wenkululeko owawufoloswe uKhongolose.

Njengengqapheli ezigcobile ngiyayihlola ingozi, bese ngithula ngijule ngizibuze ukuthi yini lento imbuleleke mina kuphela kodwa abantu bengayiboni…bese ngidonsa usiba nephepha ngishicilele phansi.

Ngibone i-video eveza uZuma ethi “Inkinga nembangela yobuphofu kuleli umhlaba nosekumele uHulumeni wabantu awuthenge ukuwubuyise engathi wawukade uhabe ngokudayiswa, cha wathathwa awuthengwanga”. https://www.facebook.com/n.jay.mazibuko/videos/10208138245964355/?theater

Lamazwi kaZuma afakazela lento engihlale ngibakhuza kuyona abantu abagxeka uZuma. UMongameli akazi lutho naye bakwethu ubekiwe nje laphaya ukuthi sijamele yena sigxeke yena, sithuke yena, sicefezele yena ngezinto ezenzekayo kulelizwe, kodwa lelizwe lisaphethwe ngabantu abamhlophe.

Funda nalolu daba: Ngiyoganwa emaXhoseni ayikho lento yamaZulu'

Angeke ningitshele ukuthi uMongameli wonke angakhala ngokuthi “sekumele bawuthenge umhlaba”…uthengwa kubani? Yiziphi kanti izinqumo ezisemagunyeni nasemandleni akhe njengomongameli wezwe? Kusobala ubekiwe nje ukuthi kubengathi izwe liphethwe abantu abamyama kodwa lisasezandleni zalabo abasintshontshela umhlaba.

Abantu abamnyama baningi kunabelungu kanye nezinye izinhlanga, kodwa yibo abenganamhlaba. Izwe abanalo ilabovezunyawo bezindlu zemixhaso ngenkathi abalimi bona banodedangendlale bendawo eyizinkalo ezingathintwa.

Ngifisa engathi abantu abavotayo bangabuyekeza izinqumo zabo nenzuzo yokuvota bayeke ukuhlale begxeka uNxamalala naye akazi lutho bandla angeke ashintshe konke ngezwe, kodwa okunye kuyoshintshwa ngabantu mhla bayeka ukuba ocevuzile baqala benza izinto ezizoyisa izwe phambili.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When assisting your child with remote learning this year, did you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Follow the school's comprehensive sexuality education (CSE) curriculum?
14% - 418 votes
Adjust the CSE curriculum to suit the family's morals?
24% - 723 votes
Ignore the schools CSE programme and do your own teaching?
63% - 1912 votes
Vote
ZAR/USD
15.20
(-0.25)
ZAR/GBP
20.40
(-0.01)
ZAR/EUR
18.42
(-0.06)
ZAR/AUD
11.29
(-0.13)
ZAR/JPY
0.15
(+0.06)
Gold
1835.48
(-0.24)
Silver
24.14
(+0.55)
Platinum
1061.00
(+3.78)
Brent Crude
48.78
(+0.95)
Palladium
2336.01
(+1.71)
All Share
59419.37
(+0.80)
Top 40
54500.04
(+0.61)
Financial 15
11646.83
(+2.17)
Industrial 25
79758.36
(+0.10)
Resource 10
57015.33
(+0.70)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo