Ligwetshiwe ikhansela ebelihola lihleli ekhaya

Durban - Ligwetshwe iminyaka emihlanu libhadla ejele kumbe likhokhe u-R50 000 ikhansela lomkhandlu kaMasipla iDr Nkosazana Dlamini-Zuma esifundeni IHarry Gwala, eningizimu yesifundazwe iKwaZulu-Natal, ngezinsolo zomkhonyovu.

Umsolwa uNomalungelo Magoso ulahlwe yicala lokukhwabanisa eNkantolo ePhathelene nezeziMali eThekwini ngoLwesine.

Lokhu kulandela ukuthi kutholakale ukuthi waba ngomunye owahlomula ekukhwabaniseni imali yomkhandlu wesifunda iHarry Gwala lapho kwatholwa izipoki zabasebenzi abangu-80 ababehola imali yomkhandlu kodwa bengasebenzi. 

Kukholakala ukuthi naye wayengomunye wabantu "abayizipoki".

OLUNYE UDABA: Lisenyakanyakeni ikhansela elishaye elinye

Nokho, usaqhubeka nomsebenzi wokuba yikhansela lomkhandlu kaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma.

IMeya yakulo mkhandlu uNkz Ngeneleni Mncwabe uthe ngeke akhulume ngokuzokwenzeka njengoba udaba luzodluliselwa enhlanganweni uKhongolose.

“Angifune kukhuluma kube sengathi ngihlekisa ngaye ngoba uzakwethu lo okukhulunywa ngaye futhi sonke sizalwa yinhlangano eyodwa.

"Ngicela usinike isikhathi siqale siludlulisele ngaphambili enhlanganweni lolu daba kube yiyona ethatha isinqumo," kusho uNkz Mncwabe.

USihlalo we-ANC esifundeni iHarry Gwala, uMnuz Zamo Nxumalo, akatholakalanga ukuba aphawule.

 

 

 

 

 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
37% - 2560 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 1804 votes
No, I don't think they need it
37% - 2535 votes
Vote
ZAR/USD
15.10
(-0.40)
ZAR/GBP
21.03
(-0.43)
ZAR/EUR
18.04
(-0.28)
ZAR/AUD
11.64
(-0.45)
ZAR/JPY
0.14
(-0.24)
Gold
1734.29
(+0.01)
Silver
26.66
(+0.05)
Platinum
1186.51
(+0.42)
Brent Crude
64.40
(-2.56)
Palladium
2310.00
(+0.58)
All Share
66138.05
(-1.99)
Top 40
60754.30
(-2.11)
Financial 15
12200.05
(-1.09)
Industrial 25
86144.34
(-0.81)
Resource 10
67459.85
(-4.14)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo