Likhala ngekhansela elidelelayo ikhehla

Durban - "Khohlwa yindlu yomxhaso, usumdala vele usuzoshona kungcono uyohlala ekhaya labadala," usho kanje uMnu Thambo Ndlela, 90, waseWoodglen eHammarsdale, entshonalanga yeTheku ngesikhathi echaza ngento athi uyitshelwe yikhansela lendawo ngesikhathi eyocela indlu yomxhaso.

Uhlengezela izinyembezi uma echaza ngobunzima abhekene nabo uMnu Ndlela ngenxa yokuhlala endlini enekamelo elilodwa nabazukulu bakhe abayisihlanu abayizintandane, kubika iLANGA.

Laba bazukulu baphakathi kweminyaka eli-12 kuya kwengama-20. Uthi uphoxekile ngento eshiwo kuyena nguMnu Nkosingiphile Dalami oyikhansela elijutshwe yi-African National Congress (ANC) ku-ward 6, ngesikhathi exoxa naye ecela indlu yomxhaso.

"Belingithembise indlu yomxhaso ngaphambi kokuba kuyiwe okhethweni, manje uma sengibuyela kulona ngiyolikhumbuza ngesethembiso salo, selingijikela esiswini njengotshwala lingitshela emehlweni ukuthi mangikhohlwe yindlu yomxhaso, lingangisiza ngokuthi lingitholele ikhaya labantu abadala ngiyohlala khona ngoba sengikhulile futhi sengizoshona. Lithi uma lingakhela umxhaso uma sengifile abazukulu bazosala bawubange," kusho uMnu Ndlela.

Uthi okumkhalisa kakhulu nokumenza afune umxhaso uma kwenzeka edlula emhlabeni uzoshiya abazukulu bakhe bengenalo ikhaya.

"Ngihlala nabazukulu endlini enekamelo elilodwa karawondi nayo engasizwa ngomakhelwane ukuthi ngiyakhe. Abazali balezi zingane bashona bangishiya nazo, manje ziwutaku lwami siphila ngempesheni yami silale sibe yisipatolo kule ndlu," kusho uMnu Ndlela.

Uthi useze wakhetha ukuthi abazukulu bakhe bamantombazane bahambe bayohlala ezihlotsheni ngenxa yokuthi kabakwazi ukuhlala bonke endlini enekamelo elilodwa.

Omakhelwane abaficwe yileli phephandaba bephekela uMnu Ndlela, baveze ukuthi kumphule umoya okushiwo yikhansela kuyena.

Bathi okusiphatha kabi kunakho konke wukuthi ngesikhathi kukhankaswa ikhansela liziyele kuMnu Ndlela lamnxenxa ukuba avote, lathembisa ukuthi lizomakhela indlu yomxhaso ngoba libona isimo aphila ngaphansi kwaso nabazukulu.

Batshele ILANGA ukuthi kuyabathusa osekushiwo yikhansela manje selijikela umuntu omdala limtshela ukuthi makayohlala ekhaya labantu abadala ngoba usezoshona.

ILANGA lithole ukuthi imali yesibonelelo sezintandane yabazukulu bakaMnu Ndlela kudala yavalwa, kabasayitholi. Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Ncumisa Ndelu, uthi bazolusukumela udaba lwezingane babone ukuthi bangangenelela kanjani ukuze zisizakale.

UMnu Dalami ubhoke ngolaka ngesikhathi ILANGA limbuza ngalolu daba wathi: "Kangiyazi le nto okhuluma ngayo, kwayilelo khehla kangilazi. Engikwaziyo mina nje manje wukuthi kune-phrojekthi ekhona yokwakhiwa kwezindlu abantu babhalisela izindlu zabo."

ILANGA limxina mayelana nezinsolo zokuthi uthe uMnu Ndlela usezoshona, unyukelwe wushukela wathi: "Ngeke ngikwazi ukuphendulana nento eyodwa mina sengikuchazile engikwaziyo."


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
37% - 2514 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 1785 votes
No, I don't think they need it
37% - 2495 votes
Vote
ZAR/USD
15.09
(-0.16)
ZAR/GBP
21.02
(-0.23)
ZAR/EUR
18.22
(-0.19)
ZAR/AUD
11.62
(-0.25)
ZAR/JPY
0.14
(-0.54)
Gold
1734.50
(+0.02)
Silver
26.67
(+0.05)
Platinum
1186.51
(+0.42)
Brent Crude
64.40
(-2.56)
Palladium
2310.00
(+0.58)
All Share
66138.05
(-1.99)
Top 40
60754.30
(-2.11)
Financial 15
12200.05
(-1.09)
Industrial 25
86144.34
(-0.81)
Resource 10
67459.85
(-4.14)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo