Pretoria – Kuvuthe ilangabi kwiloli ebeliphethe amalitha angu-55 000 liqubuke ngeSonto ekuseni edepho yaseWatlou eSilverton.
Abezimo eziphuthumayo bafike kule ndawo kunelangabi elimnyama kule ndawo.
OLUNYE UDABA:Kuvalwe umgwaqo kusha iloli likadizili ePitoli
“Besisiningi isimoko kanti futhi muningi umonakalo odalekile,” kusho uJohan Pieterse okhulumela abezimo eziphuthumayo.
Ngenhlanhla akekho olimalile. Kuthiwa umshayeli wale loli ubesaline imiyalo kusukela kwabakwaTotal kule depho ngesikathi kuqubuka umlilo elolini.
Omunye uphethiloli ugelezele emgwaqeni nasemseleni, kodwa abezenhlalakala bamatasa bazama ukuwuhlanzisisa.